U-SABC ufuna abantu abazobonakala ku-TV

2017-04-21 11:00

Cape Town – Isiteshi sikamabonakude, uSABC3, sithungatha ubuso obusha obuzobonakala emidlalweni kamabonakude.

Lokhu kuzokwenzeka ohlelweni lwalesi siteshi olusakaza okwenzeka ngempela, i-The Final Cut nalapho abangenele khona umncintiswano bezobe baqhudelana khona.

Abalingisi abangu-14 bazodlaliswa izindawo zokulingisa ezizohlola ikhono labo lokulingisa emdlalweni owuchunguchunge oneziqephu ezingu-13.

OLUNYE UDABA: Ngiyavuma ukulingisa kwami kwakungagculisi - Owaxoshwa

Phakathi kwezinye zezinselelo abazobhekana nazo, kubalwa ukufunda i-script ngemizuzu engu-15; ukulingisa indawo yokuthandana, ukudlala indawo ngaphandle kokuzilungiselala, ukuguqulwa komlingiswa abe ngumlingiswa osehlukile; kanye nokunye okuningi.

Lolu hlelo luzodlala kuSABC3 ngoJulayi kunyaka ka-2017.

Abalingisi abasafufusa nabazithembayo bayanxuswa ukuthi baphume ngobuningi kwinhlolokhono.

Imininingwane yezinhlolokhono imi kanje:

Pretoria
Nini: 22 April 2017
Kuphi: The South African State Theatre

Pietermaritzburg
Nini: 6 May, 2017
Kuphi: Winston Churchill Theatre

East London
Nini: 13 May, 2017
Kuphi: Alexander Playhouse Theatre

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Mild. Pta: 19-28°C Scattered showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Scattered showers. Morning clouds. Warm. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-29°C Breaks of sun late. Warm. PE: 18-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...