U-iFani uthi “udoti” ingoma kaCassper entsha

2017-03-23 09:30

Johannesburg – Umrepha wakuleli, u-iFani, useshiye angalazi egxeka ingoma entsha yomculi weHip hop, ongaconsi phansi kuleli, uCassper Nyovest, nesihloko sithi Tito Mboweni.

U-iFani usebenzise inkundla yezokuxhumana, iTwitter, ukuzwakalisa ukungayithakaseli neze le ngoma kaCassper, wanxusa lo mculi ukuthi angalinge aze “amoshe imali” ngokwenza i-music video yale ngoma.

OLUNYE UDABA: Umakadebona womsakazi ulaxaze iMetro FM wajoyina isiteshi esisha

“Ngiyacela ungayimoshi imali kuleyo ngoma nkosi yami. Kwenye elandelayo…,” u-iFani ubhale kanjalo kuTwitter.

Komunye umbhalo, lo mrepha utshele abalandeli bakhe ukuthi yize noma engumlandeli wokuqina kaCassper kodwa ucabanga ukuthi ingoma yakhe “udoti”. Ubhale wathi: “Ngingumlandeli omkhulu kaCassper Nyovest kodwa i-#Tito Mboweni ingudoti futhi kumele ilahlwe emgqonyeni. Cassper Nyovest ngiyacela ungayishuthi i-video yayo.”

Uqhube wathi yena ngesikhathi ingoma yakhe idayisa ize ifika esigabeni segolide ngosuku lokuqala uCassper Nyovest waba ngumuntu wokuqala ukumtshela ukuthi ushaye udaka. Kodwa noma kunjalo waqhubeka nokweseka umculo kaCassper, wathi futhi namanje usaweseka.

Zibonele eminye yemibhalo ka-iFani eshiya angalazi ngale ngoma entsha kaCassper:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...