U-Euphonik ukhulumele uDJ Zinhle 'kolwamabhadi'

2017-05-03 18:25

Johannesburg - UDJ Euphonik uvikele uDJ Zinhle ogama lakhe lokuzalwa nguNtombezinhle Jiyane kulandela imibiko ethi uhlela ukuyoxhumana nabaphansi enze umcimbi wesintu wokukhipha "amabhadi."

Imithombo esondelene nodaba ithe lo DJ ufuna ukuhlaba imbuzi nenkomo ekhaya kubo kwaMdakane, KwaZulu-Natal, lapho azalwa khona ngenhloso yokushweleza kubaphansi.

OLUNYE UDABA: Lidedelwe ngebheyili ka-R50 000 isoka likaDJ Zinhle

Mhlawumbe kungenxa yokuthi wajolelwa ngubaba wengane yakhe u-AKA kwathi sekudlulile lokho izinto seziqala ukumhambela kahle nesoka elisha uBrendon Naidoo, laboshwa ngezinsolo zokuqola abantu.

U-Euphonik usebenzise inkundla yezokuxhumana uTwitter evikela uzakwabo kwezokuDjeya ngokuthi akukho okubi ngokuhlonipha amasiko. 

 - TWITTER:

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-31°C Rain showers. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C Light rain late. High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...