U-e.tv uzofaka iziteshi ezine ezintsha kuDStv

2017-05-16 16:00

Cape Town – U-e.tv uzokwengeza iziteshi zawo ezine ezitholakala ku-OpenView HD, kuDStv, nalapho inkampani ephethe lesi siteshi, u-eMedia Investments ithi lezi ziteshi zikamabonakude zizobe sezitholakala kuDStv kusukela ngomhlaka-17 kuMeyi.

Lezi zindaba zivele zavezwa obala u-e.tv ekuqaleni kwenyanga ngesikhathi ufaka kwi-website yayo ukuthi lezi ziteshi zizotholakala kuziphi izinombolo ekubeni ngakolunye uhlangothi uMultiChoice wona ufake imininingwane ngeziteshi za-e.tv kuDStv.

OLUNYE UDABA:Sezivaliwe izindaba zesiZulu esiteshini sikamabonakude

Kuze kube yimanje lezi ziteshi zakwa-e.tv bezitholakala kuphela kwi-OpenView HD (OVHD) yePlatco Digital kanti i-eXtra yona ibitholakala kuStarSat, okungeye-On Digital Media (ODM) kanye neStarTimes Media SA.

Manje amakhasimende eDStv asohlelweni lweDStv Premium, iDStv Extra, iDStv Compact, iDStv Family kanye neDStv Access asezokwazi ukubuka i-eMovies+ (DStv 138) kanye ne-eMovies Extra (DStv 140) kusukela ngomhlaka-17 kuMeyi.

I-eExtra (DStv 195) kanye ne-eToonz+ (DStv 311) wona asezotholakala kumakhasimende asohlelweni lwe-DStv Premium, iDStv Extra, iDStv Compact, iDStv Family, iDStv Access kanye neDStv EasyView kusukela ngomhlaka-17 kuMeyi. 

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-27°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...