U-e.tv usuphushele iClub 808 ezinhlelweni ‘zetakalani’ ngenxa yeDays

2017-08-25 09:34

Cape Town – Isiteshi sikamabonakude sakuleli, u-e.tv, usuvele wanquma ukuphushela uhlelo lwawo lwezomculo kanye nokujabulisa olubhekiswe kakhulu entsheni esikhulile, iClub 808,  esikhathini okudlala ngaso kakhulu izinhlelo zentsha, ngo-16:40, kusukela ngoLwesihlanu, mhlaka-8 Septhemba.

IClub 808 kudingeke ukuthi idedele umdlalo kamabonakude oluchungechunge nongaconsi phansi kwabaningi, iDays of Our Lives nowahlwitha u.e.tv kuSABC, njengoba idlala ku-SABC3.

OLUNYE UDABA: U-e.tv usuhlwithe i-soapie yodumo ku-SABC

Njengoba iDays of Our Lives izodlala phakathi nesonto ngo-17:30 kuya ku-18:30, iClub 808 kudingeke ukuba isuswe esikhathi ebijwayele ukudlala ngaso, u-18:00, ku-e.tv ngoLwezihlanu. Esikhudleni sokuthi lesi siteshi sifake iClub 808 esikhathini sakusihlwa noma ngempelasonto, lapho eyake yadlala khona ngaphambilini, u-e.tv uvele wakhetha ukufaka lolu hlelo ngesikhathi esingaphambili nalapho luzobe luncintisana khona nezinhlelo ezifana neDaily Thetha ku-SABC1, iHectic Nine-9  ku-SABC2 kanye ne-Afternoon Express ku-SABC3.

Lolu hlelo seluke lwashintshwa kaningi ngaphambili izikhathi eludlala ngazo kanye nezinsuku, kanjalo nokushintshashintsha kwabethuli bohlelo.

NgoJuni, uBontle Modiselle waba ngumethuli wohlelo wakamuva ukuthi ajoyine iClub 808 nayethula ngokubambisana noLawrence Maleka nokuwuhlelo oseluzobukwa intsha esencane ebijwayele ukubuka iCraz-e kanye neShiz Live.

Bekungakabi nasimemezelo ngokuquko ngesikhathi esisha sokungena kohlelo esivela ku-e.tv.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...