U-e.tv usunqamule i-soapie esineminyaka idlala

2017-06-13 12:30

Cape Town – Kuyaphela ngomdlalo kamabonakude owuchungechunge, iThe Young & The Restless.

Lo mdlalo owaqala ukudlala ku-e.tv ngonyaka ka-2004, kuzodlalwa isiqephu sawo sokugcina ngoLwesine, mhlaka-6 kuJulayi.

“Isiqephu sokugcina seThe Young & The Restless ku-e.tv sizosakazwa ngomhlaka-6 Julayi 2017. Lo mdlalo awuzange uvuselelwe yisiteshi ngemuva kosuku lwesiqephu sokugcina,” sifundeka kanjalo isitatimende sa-e.tv.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ukhale izinyembezi usaziwayo ethula okokugcina uhlelo lukamabonakude

Lo mdlalo wasungulwa uWilliam J. Bell kanye noLee Phillip Bell kanti uqoshelwa edolobheni okungesilona elangempela elaziwa nge-Genoa City.

IThe Young & The Restless igxile emindenini engomacaphuna kusale yakwa-Abbot, owakwaChancellor kanye nomndeni wakwaNewman.

Lo mdlalo waziwa kakhulu ngokuba nezitha zeminyaka kumabonakude – nokungu-Jill Abbot kanye noKatherine Chancellor.

Zizwele umucu ohlale unkeneneza njengebika lalo mdlalo ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...