U-DJ Zinhle uphike amahlebezi azungezayo ngo-AKA

2015-11-06 14:35

Johannesburg – UDJ Zinhle, ogama lakhe langempela nguNtombezinhle Jiyane, usephebeze amahlebezi athi ubaba wengane yakhe u-AKA, akasizo lwalutho.

UJiyane ukhulume wathi ingamampunge eyokuthi u-AKA ungubaba ngegama.

Ubhale enkundleni yezokuxhumana uTwitter wathi: “Ngeke ngivume ukuba mdibi munye nabantu abazama ukuthi ubaba wengane yami ungubaba ongenamsebenzi walutho.

“Ubaba wengane yami ungubaba oqotho enganeni yethu.”

OLUNYE UDABA: UDJ Zinhle uqinisekise ekaBonang no-AKA

Lezi zithandani zamukela indodakazi yazo yokuqala, uKairo emhlabeni ezinyangeni eziyisihlanu ezedlule.

Zase zihlukana ngemuva kokuthi uJiyane ekhiphe isitatimende esisola u-AKA ngokujola noBonang Matheba.

UJiyane uthi lokhu kwahlalula ngemuva kokubamba imiqhafazo uBonang no-AKA ababethumelana yona.

Nokho labo saziwayo bakucacisa ukuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi baba ngabazali abaqotho kuKairo.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...