U-DJ Black Coffee ushiye angalazi ngama-Metro FM Awards

2017-02-27 12:31

Cape Town – Omunye woDJ bakuleli abahlonishwayo kuleli kanye naphesheya kwezilwandle, uDJ Black Coffee, ubhodla umlilo ngokungaphakanyiswa kwegama lakhe noma ingoma yakhe emkhakheni we-remix emcimbini wezindondo obubhekwe ngabomvu, ama-Metro FM Awards.

UBlack Coffee wenza kabusha (remix) ingoma ka-Alicia Key eshisa izikhotha nesihloko sithi In Common.

Le ngoma yathola okukhulu ukunconywa emhlabeni wonke kanti yaba sohlwini lwezinye zezingoma ezihamba phambili emhlabeni.

OLUNYE UDABA: Ngabe bekungamaMetro FM Awards noma iMabala Noise Awards?

Lo DJ ube esebhodlela enkundleni yezokuxhumana, iTwitter, nalapho ephinde wancoma khona inkulumo eyenziwe ngumrepha, uRicky Rick, nokhulume ngomkhakha wezomculo kanye nalo mcimbi wezindondo.

Zibonele eminye yemibhalo kaBlack Coffee kanjalo nenkulumo kaRicky Rick ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...