U-Ayanda Ncwane uzokhipha 'ingonyuluka' encwadini engempilo kaSfiso

2018-04-25 18:00

Cape Town - Umfelokazi womculi wowokholo ongasekho emhlabeni uSfiso Ncwane, u-Ayanda, umemezele ukuthi uzokhipha incwadi ekhuluma ngempilo yomyeni wakhe osewalala kobandayo.

USfiso washona ngoDisemba 2016 eneminyaka engu-37 ubudala ngemuva kokuxinwa yizinso.

U-Ayanda, owethula uhlelo olusihloko sithi Tea, Talk and Tissues, wenze lesi simemezele ngosuku lokuzalwa lukaSfiso.

Ubhale ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana u-Instagram umbhalo ohambisana nekhava yale ncwadi, wathi: "Anginawo amandla okukuthumelela isipho ngosuku lwakho lokuzalwa, kepha kulezi zinyanga ezingu-15 ezedlule nginqume ukubhala ngempilo yakho, impilo yethu kanye namaqiniso abantu abangawazi ngathi."

"Ngiyazi ukuthi kwakuyisifiso sakho ukubhala ngempilo yakho neyethu," esho.

Ngokusho kwalo mbhalo le ncwadi inesihloko esithi For the Love of Sfiso Ncwane, kanti izotholakala ezitolo kusukela ngomhlaka-31 Meyi.

FUNDA LO MBHALO LAPHA NGEZANSI:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...