U-Ayanda Ncwane uphumela obala ngokungezwani nomama kaSfiso

2017-03-24 16:02

Durban – Unkosikazi wesihlabani somculo wokholo esingasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane, okungu-Ayanda Ncwane, usephumele obala ngobudlelwano "obumuncu" phakathi kwakhe nomamezala, kubika iphephabhuku iDrum.

Engxoxweni abe nayo naleli phephabhuku, u-Ayanda uveze ukuthi ubudlelwano bakhe nomama kaSfiso, uFikile Ncwane, bekungebona ubudlelwano obuhle waphinde wasola umama kaSfiso ukuthi akakaze ambheke ukuthi unjani selokhu kwadlula emhlabeni umyeni wakhe.

OLUNYE UDABA: Umama kaSfiso Ncwane ufuna umbiko wokuhlolwa kwesidumbu sendodana yakhe

“Akakaze asibheke. USfiso wayemayelana nokwelapha ngezingoma. Ngangicabanga ukuthi umngcwabo uzosenza sibumbane,” usho kanje.

U-Ayanda uyiphikile imibiko yokuthi wayefihlela umamezala ulwazi ngokushona komyeni wakhe, wathi okunalokho uyena (u-Ayanda) owathumela imoto ngokushesha ngenhloso yokulanda umamezala ukuze khona bezokwenza yonke into ndawonye.

Kule ngxoxo u-Ayanda uphinde wadalula nokuthi uSfiso wayesafuna ukuba nezinye izingane, ikakhulukazi ingane yentombazane. 

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Ayanda waba nengxoxo yokuqala ngqa emphakathini nomsakazo uKhozi FM ngaphambilini kule nyanga kulandela ukushona komyeni wakhe ngokuzuma.

USfiso washona ngomhlaka-5 kuDisemba ngonyaka odlule esibhedlela iFourways Life Hospital kulandela ukuxinwa ukugula okuphathelene nezinso.

- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...