U-Arthur Mafokate uliphikile abhekene nalo enkantolo

2018-03-15 14:00

Johannesburg - Inkhakha yomculo weKwaito u-Arthur Mafokate uliphikile icala lokuhlasela lowo owayeyintombi yakhe uCici ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand izolo (ngoLwesithathu).

Ekhulunyelwa wummeli wakhe uLeana Fick, uMafokate uphinde waveza ukuthi ngeke aze abethule ubufakazi ngokwenzeka ngobusuku okwalimala ngabo uBusisiwe (Cici) Thwala.

UMafokate ubhekene necala lokushaya uCici ngenhloso yokumlimaza.

OLUNYE UDABA:Ibe yize imizamo ka-Arthur Mafokate ecaleni abhekene nalo

Le nkakha iphendule ngokuthi "yebo" ngesikhathi imantshi ibuzisisa ukuthi ngempela uyaliphika na icala abhekene nalo.

UCici owaduma ngeculo elithi Runaway nguye obengowokuqala ukungena ebhokisini lofakazi walandisa ngokwenzeka ngosuku alimala ngalo, echaza ukuthi wahudulwa kanjani ngemoto ibanga elingama-300 metre nokuthi wafika kanjani esibhedlela.

Kulabo abazokwethula ubufakazi kuleli cala kubalwa nodokotela okunguye owelapha uCici.

Icala lihlehlele umhlaka-18 Ephreli.

Ababhikishi abebegqoke izikobha ezimnyama ezibhalwe ukuthi #NotInMyName ngamagama amhlophe, bebengaphandle kwenkantolo bezokweseka uCici.

Omunye wabasunguli bale nhlangano uSiya Jantile uthe: "Kusukela liqala icala besikhona, siphelezela uCici simeseka kukho konke abhekene nakho."

 - SowetanLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...