U-AKA uncome uCassper ngempumelelo ye-#FillUpFNBStadium

2017-12-03 16:06

Johannesburg - Umrepha wakuleli u-AKA ubabele enkundleni yezokuxhumana uTwitter wafaka isithombe sekhonsathi kaCassper Nyovest i-#FillUpFNBStadium, wabe eseyamhalalisela ngempumelelo yakhe.

Abaningi bebelindele ukuthi u-AKA abe numcu ngalo mcimbi obuthakaselwe ngabaningi lapho uNyovest eqophe khona umlando.

Kulesi sithombe esifakwe ngu-AKA kubonakala uCassper emi esiteji ebheke izihlwele ezingaphezu kuka-68 000 abezihambele le khonsathi wabe esebhala ngaphansi kwaso etshengisa ukuthi lokhu okwenziwe yilo mculi kunamandla.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi u-AKA, 29, etshele uCassper ukuthi bekumele basebenzisane kule khonsathi.

“Ngifuna ukugcwalisa i-FNB noTsibip. Sekuyisikhathi sokuthi kuphele manje ukuklwebhana. U-2017 manje bakwethu," ebhala kuTwitter nokho lo mbhalo waphinde wasuswa.

“Lo muntu unesibindi esinzima sokuzama ukugcwalisa i-FNB Stadium …. eyedwa. Kumele kuhlonishwe lokho,” kusho u-AKA komunye umbhalo kaTwitter.

UCassper wabe esemphendula kanje u-AKA:

Kulandela lokhu, u-AKA wathola ukugxekwa ngabantu kuTwitter, nokho waziphendulela ngokuthi imibhalo yakhe isizile ukumaketha le khonsathi.

UCassper ukwazile ukuqopha umlando wadayisa amathikithi angaphezu kuka-68 000. Lokhu kusho ukuthi ube ngumrepha wokuqala ngqa emlandweni e-Afrika ukuba nekhonsathi enkulu kangaka.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...