U-AKA ukweleta u-SARS imali engu-R2m

2017-12-18 16:00

Johannesburg - Umrepha, uKiernan Forbes, odume ngelika-AKA, sekuvele ukuthi ukweleta iSouth African Revenue Service (SARS) imali engu-R2 million.

U-AKA ukusho lokhu emaphepheni awafake enkantolo ngeledlule ngemizamo yokugwema ukukhokhela lowo owayeyimenja yakhe imali engu-R650 000 amkweleta yona.

URaphael Benza, owayeyimenenja ka-AKA umangalele lo mrepha enkantolo ngodaba lwemali engu-R650 000 athi u-AKA uyikweleta isitebele ayengaphansi kwaso, i-Vth Season.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ngabe usenengoduso uKhune?

U-AKA waphuma kwi-Vth Season ngoJulayi nonyaka, kanti ngokwesivumelwano esenziwa, kwakumele lo mculi akhokhe u-R650 000 ungakapheli uNovemba 2017, kodwa wahluleka ukukwenza lokho.

Konke lokhu kudalulwe yi-City Press ngempelasonto.

Ummeli ka-AKA, u-Oupa Baloyi, kubikwa ukuthi uthe ikhasimende lakhe lisabhekene nezinkinga zemali.  

Kuthiwa u-AKA usezingxoxweni ne-SARS ngenhloso yokuhlanganisa uhlelo lokukhokha le mali.

- City Press

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...