U-Adele uwine indondo yeGrammy wathi bekumele kuwine uBeyoncé

2017-02-13 10:01

Cape Town – Umangaze abaningi umculi waphesheya ohlonishwa umhlaba wonke, u-Adele, ngesikhathi ewina indondo yeRecord of the Year kuma-2017 Grammy Awards kodwa wathi enkulumweni yakhe angeke ayamukele ngoba ukholwa ukuthi uBeyoncé uyena obekufanele adle umhlanganiso.

OLUNYE UDABA: UDJ Zinhle ugadle kumlandeli omsole ngokuzenza uBonang

Lesi sigameko esithuse abaningi – nesenzeke ngasekupheleni komcimbi – sishiye uBeyoncé kanye no-Adele behlengezela izinyembezi.

U-Adele uwine nge-albhamu yakhe i-25, kanti ngakolunye uhlangothi uBeyoncé yena ubephakanyiselwe kwabazowina le ndondo nge-albhamu yakhe iLemonade nokuyiyona u-Adele akhulume ngayo enkulumweni yakhe.

Zibonele le nkulumo ka-Adele ethinte abantu abaningi lapha:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...