Somizi: UBonang kumele axolise kumina

2017-04-13 12:31

Cape Town – Usaziwayo wakuleli, uSomizi Mhlongo, ube nengxoxo evulekile nomethuli wohlelo lwezingxoxo, iReal Talk with Anele, u-Anele Mdoda, nalapho ebalule khona abantu ababili akholwa ukuthi kumele baxolise kuyena.

Owokuqala yi-blogger engadalulwanga athi yaputshuza isithombe sakhe esingagwinyisi mathe esasishuthwe ngesikhathi egula futhi ebonakala “eshayekile egazini”.

Umuntu wesibili uSomizi athi kumele axolise kuyena usaziwayo wakuleli ophinde abe ngumethuli wezinhlelo kumabonakude nasemsakazweni, uBonang Matheba.

OLUNYE UDABA: Useyilaxazile iMetro FM uBonang, ubonakale esiteshini esisha

Ngaphambilini uSomizi babengabangani abakhulu noBonang eminyakeni embalwa eyedlule, kodwa ubudlelwano babo abusekho buhle, nalapho abanye bethi kukhulu ukungahoshelani phakathi kwabo.

Ngemuva kokuthi uSomizi eye wacacisa ukuthi kungani uBonang kumele axolise kuyena, u-Anele uzame ukubuka izinto ngeso likaBonang. Ngokuqhubeka kwengxoxo, uSomizi uthe, “asisoze sabuyela emuva kulokho asasiyikho”.

Ngale kwalokhu, uSomizi ubuye waxoxa nangezinye izinto ngempilo yakhe, okubalwa kuzo ukukhula kwakhe, kanjalo nomsebenzi wakhe omusha wokwethula uhlelo lwasekuseni kuMetro FM ngokuhlanganyela noDJ Fresh, iFresh Breakfast.

Zibonele ingxoxo ephelele lapha:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...