Sizoshintsha igama isiteshi esasungulwa abasakazi abadumile

2017-03-16 09:30

Cape Town – Kulindeleke ukuba simemezele izinguquko ezinkulu isiteshi somsakazo esasungulwa abasakazi ababili abadumile nesitholakala ku-internet (online digital radio station), iTouch Central.

Inhloso yalezi zinguquko ukunikeza abalaleli izinga eliphezulu nelingcono lokulalela umsakazo online. Lesi siteshi sizodalula imininingwane mayelana nalezi zingunquko ezintsha kanye nendlela entsha isiteshi esizobukeka ngayo emcimbini okulindeleke ukuba ube ngoLwesibili ngomhlaka-28 kuMashi, eSandton.

OLUNYE UDABA: Wesulile emsebenzini umsakazi wodumo - Umbiko

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi siteshi sethulwa ngomhlaka-29 ku-Agasti ngonyaka ka-2016, ngokubambisana phakathi kwalowo owayengumsakazi ongaconsi phansi kuMetro FM, uTBO Touch, ophinde adume ngelika 'Mr HD Radio', kanjalo nolowo owayengumsakazi we-5FM, uGareth Cliff.

Lesi siteshi sizigqaja ngokuthi sifuna ukuguqula indlela umsakazo owaziwa ngayo ngokuthi siqale okusha, singavalwa umlomo, singanqanyulwa, futhi kungabi lula ukuqagula ukuthi ulindeleni uma usilalele.

NgoLwesine, lesi siteshi sizokwethula igama laso elisha, njengoba sesizokwaziwa ngele-TOUCH HD kanti kulindeleke ukuba kube ngesihamba phambili emisakazweni e-online, ezwenikazi i-Afrika. Lokhu sihlela ukukuzuza ngokuthi sidlale umculo osezingeni eliphezulu, izinhlelo zezindaba kanye nezindaba ngomkhakha wezobumnandi e-Afrika yonkana. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...