Siyelulama esibhedlela isihlabani somculi

2017-06-04 16:53

Johannesburg - Inkakha yomculo nephinde ibengumdidiyeli, uRobbie Malinga, ushiye abalandeli bakhe bethukile ngeledlule.

Bebenokwesaba abalandeli kulandela ukuphuma kwezindaba ezithi lesi sihlabani singeniswe esibhedlela esizimele eGoli.

URobbie ubelokhu ehla enyuka eNingizimu Afrika, kanye nesihlabani sama-Idols uMusa, nokwenze sangabanaso isikhathi sokuphumala.

ISunday Sun ithole ukuthi odokotela bathole ukuthi uRobbie une-anaemia, nokusho ukuthi igazi lakhe lishodelwa yi-iron.

OLUNYE UDABA: Sekuseduze ziwushaye kowoKhozi FM

URobbie akatholakalanga ukuba aphawule, kodwa isitebele sakhe siziqinisekisile izindaba zokuthi usesibhedlela.

Okhulumela i-Universal Music uDharam Sewraj uthe, “Ngingakuqinisekisa ukuthi uRobbie usesibhedlela futhi welulama kahle. 

“Ungeniswe esibhedlela ngoLwesine, kanti uzophuma maduzane. Odokotela basiqaphile isimo sakhe. Abalandeli bakhe abangatatazeli.”

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...