#Siyagobhoza: USne uthi yena noLwazi bebencinzana kuphela

2017-11-17 16:05

eThekwini - Ithathele ezinkundleni zokuxhumana intokazi esolwa ngokubhanqa amadoda icacisa ngalokhu okwenzekile.

Lokhu kulandela isigameko esenzeke emsakazweni iGagasi FM ngoLwesine ntambama lapho isoka lifonele lo msakazo lithi lifuna ukucela umshado entombini yalo.

Lo mlisa ogamalakhe nguLwazi ufonele lo msakazo efuna ukusizwa athokozise intombi yakhe, kodwa ekugcineni wathola into abengayilindele.

Ngesikhathi efonela intombi, ucingo lubanjwe ngomunye owesilisa naye ozichaze njengesoka lale ntokazi.

Ngokungakholwa, uLwazi uthe uSne uyintokazi ethandekayo, eziphethekahle futhi esebenzayo. Lase libuzile esoka eliphendule ifone ukuthi lo uyazi na ukuthi uSne usebenza kuphi njengoba kuyilona elimenzela yonke into uSne akawazi umbombo womqashi.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Yibabazi lami, kwazisholo isiphukuphuku sidlalwa wumfana

Lesi sigameko sishiye amadoda amaningi exakekile ngalokhu futhi eyigxeka le ntokazi, yize kunjalo, izintokazi eziningi ziyincomile lentombi.

Izintombi zithi amadoda akwayele ukuzenzela ababhanqe kungabi ndabazalutho pho manje bakhalekani uma sebethola okufanayo.

Ebhala ezinkundleni zokuxhumana uSne uthi yena noLwazi bebedlala futhi bobabili bakwazi kahle lokho. Akakuqondisisi okumenze waphapha efonela emisakwazweni efuna ukwenza into abangavumelananga ngayo nokusho ukuthi uthole umvuzo wokuphapha kwakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...