Sishiye abaningi bebambe ongezansi isiqephu sayizolo sikaTatakho

2017-10-18 16:03

Johannesburg - Isiqephu sayizolo kusihlwa sohlelo uTatakho sishukumise inkundla yezokuxhumana uTwitter ngemuva kokuba uNtombi obefuna uyise edalule ezinye izimfihlo zikamama wakhe.

Lolu hlelo lwethulele ababukeli uNtombikayise obefuna ubaba wakhe wangempela, ngemuva kokuphahluka kukamama wakhe ngokusebenzisa isibongo okungesiso esakhe.

Nakuba umama kaNtombi enqabile ukuvela kumabonakude, kudalulwe ukuthi mane amadoda angase abe ngubaba wakhe wangempela.

OLUNYE UDABA:Usaphezu kwezingxoxo zokubuyisa uhlelo lwakhe uZola

Amadoda amathathu kulawa adalule ukuthi abengazi ngoNtombi, kodwa ukube abenolwazi ngaye, ngabe awazange amlahle.

UNtombi ugcine emtholile uyise wangempela nomamukele ngezandla ezifundumele.

Yize kunjalo, abasezinkundleni zokuxhumana basale bemangele ngemuva kokuba umama kaNtombi edalule amadoda amane okungenzeka ukuthi angaba ngubaba wendodakazi yakhe.

 - Twitter:

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...