Silulamela ekhaya isihlabani ebesingeniswe esibhedlela ekuseni

2017-11-14 19:30

Johannesburg - Inkakha yomculo ephinde ibe nguphrojusa, uRobbie Malinga ilulamela ekhaya ngemuva kokuba ibiphuthunyiswe esibhedlela namuhla (ngoLwesibili) ekuseni ngesikhathi ixinwe wukugula okuncane.

Ngokusho kwamngani kaMalinga, lesi sihlabani siphuthunyiswe esibhedlela ngunkosikazi waso sase saphuthwa nokuyolalela i-albhamu yaso entsha emahhovisi esikhondlakhondla senkampani esabalalisa umculo i-Universal Music.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Abalandeli bakhathazekile ngesimo sempilo kaRobbie Malinga

Imenenja yaMalinga, uSipho Dube, itshele iTshisaLive ukuthi lo mculi ulashwe ngemuva kokuba kubonakale izimpawu zokukhathala, kwatholakala nokuthi unomkhuhlane.

Uthe, uMalinga ulutholile usizo lukadokotela wabe esegoduka eyophumulela ekhaya.

 - SundayWorld

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...