Sezivaliwe izindaba zesiZulu esiteshini sikamabonakude

2017-04-11 11:01

Cape Town – Isiteshi sikamabonakude, u-e.tv kanye nophiko lwaso lwezindaba, u-eNCA sebekunqamulile ukwethulwa kwezindaba ngolimi lwesiZulu maphakathi nezinsuku, ngemuva kweminyaka emithathu nohhafu njengoba lesi siteshi siqhubeka nokunciphisa ukwethula kwazo izindaba.

Lezi zindaba zesiZulu bezithatha isigamu sehora kanti bezididiyelwa yi-eNCA, engaphansi kwenkampani i-eMedia Investments, nalapho bezisakazwa khona esiteshini i-eKasi+, kwi-OpenView HD (OVHD) engaphansi kwePlatco Digital.

OLUNYE UDABA: Unqatsheliwe u-e.tv uzama ukulaxaza izindaba za-6:30

Kodwa-ke kuthe ngokuphela kukaMashi lezi zindaba zanqanyulwa ngesikhathi u-e.tv enquma ukulaxaza lesi siteshi maqede wafaka esisha i-e.tv Extra endaweni yaso.

Lokhu kulahleka kwezindaba zesiZulu kungesinye sezinyathelo zakamuva ku-eNCA sokunciphisa izinhlelo zezindaba kanye nezindleko zakhona ngaphansi kobuholi bukaMark Rosin, oyi-eMedia Investments Group Chief Operating Officer (COO).

Eminyakeni emibili eyedlule lesi siteshi sesikhombise ukungazithakaseli izinhlelo zezindaba njengoba sibonakala sesigxile kakhulu ezinhlelweni zezokujabulisa.

U-e.tv awuzange wenze simemezelo ngalokhu kuvalwa kwezindaba sesiZulu isigubhukane.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi siteshi sisanda kuhluleka emizamweni yaso yokuthi singabe sisazisakaza izindaba zesiNgisi ngesikhathi esithathwa njengesibalulekile (prime pime), nezingena ngo-18:30 kusihlwa.

Inhlangano elawula ezokusakaza kuleli i-Icasa yasichitha isicelo sayo. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-27°C Sunny. Mild. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...