Seningangibiza ngoMrs Ngandu, kusho owayelingisa kuMuvhango

2018-03-07 14:00

Johannesburg - Kuvela elomhlathi kuPhindile Gwala owayelingisa kuMuvhango otshengisa ku-SABC 2 phakathi nezinsuku kusihlwa edlala indawo kaNoni, njengoba ehluleka ukufihla ukuthi uyazifela ngomyeni wakhe u-Armond Ngandu futhi usekulungele nokushintsha isibongo sakhe.

Ngemuva kokuba behlangane endaweni yokupaka izimoto, lezi zithandani ziyehluleka ukufihla uthando lwazo.

OLUNYE UDABA:USteve Harvey uhlanyiswe yizinqa 'zikaNonny'

UPhindile ngokujwayelekile ungumuntu ongathandi ukudalula izindaba zakhe emphakathini kodwa kulokhu akakwazanga ukuzibamba waveza ukuthi ujabule kangakanani.

Lo mlingisi ufake isithombe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram etshengisa abalandeli bakhe indandatho yakhe yedayimane athenjiswe ngayo umshado ebatshela nokuthi usekulungele ukushintsha isibongo sakhe. 

UPhindile waveza ngasekupheleni konyaka owedlule ukuthi uNgandu uzishaye zaphelela kwaGwala.

 - Instagram:

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...