Sengehlisile otshwaleni - Zahara

2016-11-21 14:31

Johannesburg - Umculi wakuleli uBulelwa Mkutukana odume ngelikaZahara udalule ukuthi usehlisile otshwaleni ngemuva kokuvuma ukuthi "wayebuhlehlisa".

UZahara ekhuluma nephephandaba iCity Press, uthathe isinqumo sokwehlisa ebhodleleni ngoba kumenza abukeke kabi emphakathini.

"Sengehlisile otshwaleni. Sengibonile ukuthi bebuveza isithombe esibi ngami emphakathini," usho kanje etshela leli phephandaba.

OLUNYE UDABA: Kuqale u-2015 ngibizwa ngesidakwa, ngaphumelela - Zahara

Lo mculi uphinde wathi futhi ufuna ukuba yisibonelo esihle entsheni.

"Ngifuna ukuba yisibonelo esihle ezinganeni ngizikhuthaze ngokuhle ezweni lethu elihle."

UZahara walandelwa amahlebezi okucwila kakhulu ezinkambini zikaFaro ekuqaleni konyaka. Ubengundabamlonyeni, ekhishwa emaphephandabeni kuthiwa isoka lakhe elingumethuli wezinhlelo emsakazweni selaze lakhetha ukumshiya ngenxa yokuphuza kwakhe kakhulu.

Yize kunjalo, uZahara wabhala enkundleni yezokuxhumana uFacebook ecacisa ngamahlebezi.

Lesi sihlabani savuma ukuthi sike sacwila kakhulu ophuzweni oludakayo ikakhulukazi ngemuva kokushonelwa ngumfowabo ngo-2014 kodwa manje useziqoqile kanti futhi useyazama ukubhekana nobuhlungu bokuhanjelwa ngothandiweyo wakhe.

 - TimesLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...