Sekuphinde kwedlula emhlabeni esinye isihlabani embonini yezokulingisa

2018-01-25 09:31

Cape Town – Imboni yezokulingisa eNingizimu Afrika isiphinde yagqemeka engeqiwa ntwala njengoba sekudlule emhlabeni uSandy Mokwena.

Lesi sihlabani, esidume ngelika-Bra Eddie Khumalo emdlalweni iScandal! Ku-e.tv, kubikwa ukuthi sidlule emhlabeni ngoLwesine ekuseni ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngasekuqaleni kweviki.

UMichael Pocock, okhulumela i-e.tv, ukuqinisekisile kwi-Channel24 ukuthi uMokwena,68, "ushonele esibhedlela ngemuva kokugula".

Uphinde wathi: "I-e.tv udumele kakhulu ngezindaba zokudlula emhlabeni kwakhe, futhi sithi alwehlanga lungehlanga emndenini kaSandy, nakozakwabo ku-Scandal!"

OLUNYE UDABA: Usenkingeni osolwa ngokudlwengula umfana,10

UMokwena selokhu aqala ukudlala kulo mdlalo kusukela uqala ukuboniswa ku-e.tv eminyakeni engu-13 eyedlule.

Ukuqoshwa kwalo mdlalo namhlanje kumisiwe.

Ngokombiko we-TVSA, lo mlingisi useke walingisa emidlalweni kamabonakude kuleli ehlanganisa i-OkavangoGenerations, kanye neSoul City.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...