Sasizama ukuthola omunye umntwana, kusho unkosikazi kaSfiso Ncwane

2017-10-12 18:05

Durban - Sekuyophela cishe unyaka omculi wowokholo, uSfiso Ncwane, adlula emhlabeni kulandela inkinga yezinso, kepha kucacele noma ngubani ukuthi unkosikazi wakhe u-Ayanda usezwa iminjunju.

Unkosikazi kaNcwane ukhulume ngezinye zezinhlelo ababenazo nalo mculi ngesikhathi enengxoxo nephephabhuku iDrum waveza ukuthi babezama ukuthola omunye umntwana, kubika iSowetan.

"Sasizama ukuba nomunye umntwana ngoba wayethi ufuna indodakazi efana nami," kusho u-Ayanda.

Uthi uyafisa ukube wakwazi ukulifezekisa leli phupho ababenalo nomyeni wakhe.

"Ngiyafisa engabe wasilondoloza isidoda sakhe e-laboratory khona ngelinye ilanga ngiyokwazi ukumzalela indodakazi ahamba emhlabeni eyifuna," kuqhubeka u-Ayanda.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto u-Ayanda uhambele ithuna likaNcwane wafaka isithombe ezinkundleni zokuxhumana esho ukuthi usikhumbula kangakanani isithandwa sakhe.

"Kula makhaza ashubisa umnkantsha, wonke umuntu uvakashele isithandwa sakhe. Kungani mina ngingakwazi ukuvakashela esami, sidlale amaculo esasizifela ngawo njengakudala?" kusho umbhalo.

Uphethe ngokuthi akanakungabaza ukuthi iculo likaNcwane elithi Ngipholise Amanxeba wayelibhalele yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...