OwoZalo uthi impilo iyaqhubeka nakuba ephila nesifo

2017-04-05 11:01

Johannesburg - Inkakha yomlingisi uLeleti Khumalo isiphile nesifo iVitiligo - okuyisifo esibulala ama-pigment cells esikhumba bese sishintsha ibala - iminyaka embalwa kanti lesi sifo sesivele sanda nomzimba kuye.

Nakubo lesi sifo iVitiligo sesishintshe indlela abukeka ngayo, uKhumalo uthi ugculisekile ngempilo yakhe ngoba ngeke kumsize ngalutho ukukhathazeka.

OLUNYE UDABA: ULeleti uchaza ngomshado 'onyanyisayo' noNgema

"Lesi sifo sesishintshe indlela engibukeka ngayo kodwa ngikahle. Angifuni impilo yami ibe mayelana nalesi sifo. Nginaso, manje kwenziwenjani? Ngisanguye umlingisi, umama nonkosikazi," kusho lesi sihlabani sikhuluma nabephephabhuku iTrue Love.

Lo mlingisi odlala emdlalweni wakumabonakude Uzalo uthe wathola ngalesi sifo ngesikhathi eneminyaka engu-24 ubudala nokuthi sivela emndenini kababa wakhe.

"Ngesikhathi ngizama ukuthola abantwana, udokotela wangitshela ukuthi lesi sifo sisazokwanda. Angibanga nankinga ngakho," kuqhuba uKhumalo.

Thola udaba oluphelele kuDrum.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...