OwoZalo uphithene ikhanda ngemidlalo yakumabonakude

2017-04-14 10:32

Durban - Angase aphoqeleke ukuba ashaye umdlalo owodwa kamabonakude ngesithende umlingisi wodumo uMasoja Msizi.

UMsiza odlala indawo kaNkunzi, emdlalweni owuchungechunge okhonjiswa ku-SABC1 phakathi nezinsuku, Uzalo, kubikwa ukuthi uphithene ikhanda kulandela ukubuya komdlalo abelingisa kuwona phambilini iRing Of Lies, ebikhonjiswa kuMzansi Magic Channel 161.

Ngokuthola kweLANGA leTheku uMsiza obedlala indawo kaMandla usetsheliwe ngokubuya kweRing Of Lies kumele athathe isinqumo sokuthi uyaqhubeka nayo noma ugxila kuZalo asanda kunikezwa inkontileka yezinyanga ezingu-11 kulona.

OLUNYE UDABA: OwoZalo unukwa ngamacala abucayi

Kubikwa ukuthi neRing Of Lies izimisele ukumnika inkontileka enezinyanga ezingu-12.

Ekhuluma neLanga leTheku uMsiza ukubeke kwacaca ukuthi inhliziyo yakhe ikuZalo kodwa ngeke azithathele ngokwakhe isinqumo kodwa yzoxoxisana ne-agent yakhe.

"I-agent yami kuzomele ikhulumel neStain Glass (eQopha uZalo. nePenguin (eqopha iRing Of Lies) ibone ukuthi kungaba khona yini ukusebenzisana ngokuthi banginike izinsuku zokuqopha ezahlukene," kusho uMsiza engeza ngokuthi uyathanda ukuzinza KwaZulu-Natal njengoba uyise edabuka kuelsi sifundazwe, eMkhabeleni, eKranskop.

"Uzalo lunginike ithuba lokukhulisa ikhono lami ngoba kuningi uNkunzi asazobhekana nakho ngakho ngizimisele ngokuba ngiyihambe le ndlela ngoba iyangikhulisa njengomlingisi," esho.

Uthi uma lezi zinkampani zivumelana ngendlela yokusebenza akanankinga nokuyiqopha yomibili le midlalo.

"Okubalulekile wukuthi kuhleleke izikhathi zokuqopha nje kuphela. Uma kungathiwa ngikhethe kungabanzima kodwa inhliziyo yami iseKZN," kusho lo mlingisi obuye abe yimbongi.

Uthi usezinhlelweni zokukhipha i-album yesibili yezinkondlo zakhe kanti useke wakhipha nezincwadi ezimbili.

"Izinkondlo ngiyazithanda ngoba yindlela engithuthukisa ngayo isizwe, ikakhulukazi njengoba ngibhala ngezinto ezintinta umphakathi ngqo," kuchaza uMsiza osanda kusungula iMasoja Msiza Foundation yokusiza abantu abasha ikakhulukazi abasezikoleni.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: -1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...