OwoZalo ujoyina iThe Queen

2017-01-24 16:04

Johannesburg - Kubonakala sengathi usezitholele ikhaya elisha kuMzansi Magic, umlingisi owaduma emdlalweni kamabonakude uZalo olutshengisa ku-SABC1, uKhumbulani "Kay" Sibiya.

UKay odlala indawo ka-Ayanda Mdletshe usezobonakala elingisa kwi-The Queen, kusho abesiteshi iMzanzi Magic.

OLUNYE UDABA: Uyashiya umdlali ongaconsi phansi kubathandi boZalo - Umbiko

Akukho okuningi okudaluliwe ngendawo ezodlalwa nguKay kulo mdlalo kodwa lesi sihlabani kulindeleke ukuba siqale ukubonakala kulo mdlalo ngenyanga ezayo.

Ekuqaleni kwale nyanga, uKay waqinisekisa kwabezindaba iTshisaLive ukuthi uzothatha ikhefu kuZalo olutshengisa ku-SABC1 nokuthi usanda kuthuthela eGoli eyobheka amanye amathuba okulingisa.

"Angilushiyi uZalo, lolu daba lucutshunguliwe. Sengikhethe ukuthuthela eGoli ngezizathu ezimqoka kimina kodwa abaphathi bamile kwelokuthi bafuna lo mdlalo uqoshelwe KwaZulu-Natal.

"Lokhu kusho ukuthi indawo engiyidlalayo izonyamalala okwesikhashana njengoba sisadingida ukuthi ngingakwazi yini ukushuthela eGoli," kusho uKay.

 - SundayWorld

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...