Owokholo ukhumbule uMdavu ngeculo

2016-03-02 10:00

Johannesburg - Sonke siyamkhumbula oweqembu lomculo wombaqanga iSoul Brothers, uDavid Masond, kodwa hhayi njengomculi weGospel, uDeborah Fraser.

Lesi sihlabani somculo wokholo sababuhlungu ngokudlula kukaMasondo ngonyaka ophelile saze saphendula izinhlungu zaso iculo.

UDeborah ekhuluma nabeSowetan kuleli sonto udalule ukuthi iculo lakhe elithi Lalani ngoxolo ulibhalele umculi ongasekho ake asebenzisana naye.

OLUNYE UDABA: Izobanjelwa ezifundazweni ezimbili eyokukhumbula uMdavu

"Wayengumculi onekhono, ngangibusisiwe ukusebenza naye," usho njalo ekhuluma ngoDavid.

"Yize ayecula umbaqanga wayekwazi ukucula noma yimuphi umculo. Wawungamcela iculo manje kungakapheli nemizuzu emingaphi wayesekwazi ukukweluleka. Ngibuhlungu ngokudlula kwakhe," kuqhuba uDeborah.

UDeborah uphinde wathi egcina ukubase-studio noDacid wayebonakala ukuthi akekho esimeno esikahle.

"Wayegula kakhulu, ngisho nangesikhathi siqopha okokugcina naye ngangimbona ukuthi akaphilile. Wayeqine isibindi ethi ukahle," kukhumbula uDeborah.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 12-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...