Owodumo lweShumaya uphume phambili kwelukushaya iphoyisa

2017-09-27 14:02

Johannesburg - Sitholwe singenacala isihlabani seculo iShumaya, uZinhle Ngidi, ecaleni ebesibekwe lona lokushaya iphoyisa.

UNgidi waboshwa ezinyangeni ezingu-9 ezedlule ngokupaka endaweni okungapakwa kuyo, wazithola esethelwa ngempama eshisayo yiphoyisa lomgwaqo ielisebenzela uMasipala waseGoli, naye wayiphindisela.

Lesi sehlakalo senzeka ngesikhathi eyolanda ingane efulethini likanina elimaphakathi nedolobha iGoli, wapaka ekhoneni likaPlein noWanderers Street.

OLUNYE UDABA:Owengoma iShumaya usolwa ngokulaxaza umama wengane

Ngemuva kokuboshwa, wadedelwa ngebheyili yemali engu-R 1 000 kulandela ukuchitha ubusuku esitokisini esiteshini samaphoyisa aseJohn Voster.

UNgidi ube esebhala enkundleni yezokuxhumana iTwitter ezwakalisa injabulo yakhe ngokutholakala engenacala.

"Ekugcineni kwenzekile ubulungiswa...inkantolo ingithole ngimsulwa ecaleni engalivulelwa yiphoyisa lomgwaqo elingakwazi ukuziphatha emsebenzini. Ngibonga ithimba lami labameli," lokhu kubhalwe nguye kuTwitter.

 - TWITTER: 

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...