'Owethanga nesinqa' kumaMetroFM Awards uthi uyisisulu sokudlwengulwa

2017-03-13 12:31

Johannesburg - Owodumo lwengubo ephuzi eyayiveza isinqa kuma-Metro FM Awards, uDJ Nonhlanhla "Skolopad" Qwabe, kungenzeka ukuthi wayengundabamlonyeni ngengubo yakhe emcimbini, kodwa yena akamuhle neze emoyeni.

USkolopad oneminyaka engu-33 ubudala uthi sekukabili edlwengulwa.

Uthi waqala wadlwengulwa ngonyaka ka-2008 eQwaqwa, eFree State, ehamba nomngani wakhe bebuya esibhedlela, ngenhlanhla umngani wakwazi ukubalekela izigilamkhuba.

OLUNYE UDABA: Nali iqiniso ngowesifazane ‘obenqunu’ kuma-Metro FM Awards

USkolopad utshele iphephandaba iSunday World ukuthi wavula icala esiteshini samaphoyisa aseMokodumela kodwa ngokuhamba kwesikhathi walihoxisa.

"Ngalihoxisa icala ngoba ngasengiqale umsebenzi. Ngangifuna ukugxila emsebenzini wami ngaphandle kokuphazamiseka," echaza.

USkolopad uthe waphinde wadlwengulwa amadoda amaningi ngonyaka ofile eBethlehem ngesikhathi esendleleni ebheke ekhaya ephuma emsebenzini.

Uthi akazange alivule icala emaphoyiseni ngoba "angiwathembi amaphoyisa".

Lo DJ ophinde abengumculi uthi amadoda amdlwengula athunyelwa yindoda ayehlekisana nayo eyayinonya.

Kuzo zombili izehlakalo uSkolopad wayengqoke kahle, wayengayigqokile imaphla eveza umzimba.

"Angiwazondi amadoda noma ucansi kulandela izigemegeme ezake zangehlela. Isikhathi esiningi ngizibandakanya ocansini namadoda adabuka eNigeria noma namadoda ebala elimhlophe.

"Ngifika njalo eGoli, yilapho-ke engihlangana khona namadoda engilala nawo," esho.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...