Owesilisa uzitholele umsebenzi ngokufana noMandoza

2017-09-08 16:00

Johannesburg - Abephephandaba iDaily Sun sebekuphindile abadume ngakho, kulokhu basize owesilisa ogama lakhe nguMolefi Kadi ofana nomculi ongasekho emhlabeni, uMandoza.

Le ndoda eneminyaka engu-36 ubudala yavela kuleli phephandaba ngomhlaka-31 Agasti lapho eyayikhuluma khona ngothando enalo lwalo mculi wodumo lweNkalakatha, uMduduzi "Mandoza" Tshabalala.

UMandoza udlule emhlabeni ngoSepthemba 2016.

OLUNYE UDABA:UMandoza uphelele ngaphandle kwesango lesibhedlela

Ngemuva kokushicilelwa kodaba lukaKadi waseWestbury ngaphandle kwaseGoli, wathola inqwaba yezingcingo ezivela kubalandeli.

Kuthe kusenjalo waba nenhlanhla, washayelwa ucingo ngumnikazi wesitolo sokudlela owamnikeza umsebenzi. Umnikazi wesitolo kuthiwa wathi le ndoda izombizela amakhasimende amaningi, ikakhulukazi njengoba ifana noMandoza

UKadi uthe angeke kube yinkinga ukusebenzela isitolo sokudlela njengoba eseke wasebenza ehhotela nakwesinye isitolo sokudlela ngaphambilini.

Uphinde waveza ukuthi useqalile ukusebenza emsebenzini wakhe omusha, e-Edenvale, eKurhuleni kanti futhi uyawuthanda kakhulu umsebenzi wakhe.

UKadi utshele aphephandaba ukuthi uMandoza ubeyiqhawe lakhe kusukela esangumfana omncane.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...