Owengoma iShumaya usolwa ngokulaxaza umama wengane

2016-03-13 14:04

Johannesburg - UCebo Ngcobo weqembu iDbn Nyts, eladuma ngengoma ethi Shumaya, kubikwa ukuthu ukhulelise isitshudeni saseMamelodi, 21, enjalo nje akasinaki.

Umama wengane, uLerato Mogoswane uthi solokhu atshela uNgcobo ukuthi ukhulelwe akasatholakali.

"Saqala ukuthandana ngonyaka odlule sagcina sesizibandakanya ocansini okungavikelekile. Ngathi uma ngimtshela ukuthi ngikhulelwe wanyamalala," kulandisa uMogoswane.

“Wangibuza ukuthi ngizama ukuzuzani ngoba yena akakakulungeli ukuba ubaba. Saphinde sahlangana ngoNovemba eyonandisa eMidrand wangithethisa wathi ngifunani ephathini.

OLUNYE UDABA: Uthi ufunde isifundo umculi ophoxekile

"Wathi uyethemba ukuthi njengoba ngiphuza nje ingane ngeke ibe nenkinga."

Umama kaMogoswane, uSarah, uthi lo mculi wameyisa kabi ethi ukhuluma naye.

"Wangidelela, wathi uzokwenza i-DNA uma ethanda."

UMogoswane uthi lo mculi akasaziphenduli izingcingo zakhe kanti usembhlokhile nakuWhatsApp.

UNgcobo akatholakalanga ukuba aphawule, kepha imenenja yaleli qembu, uDJ Oskido, uthe: "Siyisitebele asilwazi lolu daba, uma luyiqiniso kuzomele alulungise umnikazi walo."

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...