OweMuvhango uthi imbono yabantu ayithi shu kuye

2016-06-21 17:31

Johannesburg - Umlingisi womdlalo wakumabonakude iMuvhango uBuhle Samuels odlala indawo kaMatshidiso kuwo uthi akugqizi qakala kuye ngemibono yabantu ngaye.

UBuhjle ekhuluma nabephephabhuku iTrue Love yangoJulayi uthe : "Ngeshwa abantu bacabanga ukuthi ngiyazitshela ngoba nakhu ngingasiye umuntu ophaphile. Imibono yabanye abantu ayihlangene nami kanti futhi ukusheshe ngikubone lokho kwangisiza emsebenzini wami ngokungazitholi ngisenkingeni. Okunye engikwenzayo njengamanje umculo njengoba ngisaqopha i-album yami. Kunzima ikakhulukazi njengoba ngisebenza amahora amade kwiMuvhango. Ukunqatshwa kuyinto ejwayelekile kulo mkhakha. Yonke into inesikhathi sayo kanti futhi kwenzeka ngesikhathi sikaNkulunkulu."

OLUNYE UDABA:OweMuvhango uthi akusizo ezokufakelwa ezakhe

UBuhle ungomunye wosaziwayo abangavamisile ukusabalalisa izindaba zabo zangasese ezinkundleni zokuxhumana kanti lokhu ukudalulile ukuthi kungani engakwenzi lokho ngesikhathi ekhuluma nabephephabhuku.

"Izindaba zami zangasese zingezami. Angilindele ukuthi abantu bakuqonde lokhu kanti futhi angifuni bakuqonde. Akukho engikukhulumayo ngempilo yami, ukuba nengasese yindlela ekahle yokubhekana nobudlelwano bakho njengomlingisi," kuchaza uBuhle.

Nakuba engazange aqinisekise ukuthi khukhona azwana naye ushilo ukuthi uthanda indoda enjani.

"Indoda engiyifunayo yindoda enenhlonipho futhi enomusa."

 - Drum

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...