OweKwaito ucela abantu bayeke ukumbulala ezinkundleni zokuxhumana

2018-02-19 14:01

Johannesburg - Lesi ngesinye futhi isicelo esiphuma komunye usaziwayo ngodaba oluzungeza ezinkundleni zokuxhumana oluthi akasekho emhlabeni.

Lo mculi ozinze KwaZulu-Natal, uL'vovo Derrango, usephoqeleke ukuba aqinisekise ukuthi uphila njengosheleni.

Imibiko ezungezayo ithi lesi sihlabani somculo weKwaito kuthiwa sishone engozini yemoto. Isithombe esibonakala kuFacebook esitshengisa imoto epoqokile sihambisana nombhalo othi "Ulale ngokuthula L'vovo".

UL'vovo, ogama lakhe lokuzalwa nguThokozani Ndlovu, uthe okubhalwe kuFacebook akuzange kumkhathaze ngoba yena usaphila.

Lo mculi ucele abalandeli bakhe ukuba "bayeke ukumbulala".

OLUNYE UDABA:Kusuke isidumo kuboshwa u-L’vovo

"Kubuhlungu ukubona abantu bebulala izihlabani ezinkundleni zokuxhumana, nakuba sizama ngakho konke ukubalethela ezikaqedisizungu ezisezingeni eliphezulu," esho.

UL'vovo uthe akazi ukuthi la mahlebezi aqale kuphi, ngoba imoto esesithombeni ayifani nakancane nale ahamba ngayo. "Kubuhlungu ngoba lokhu akusikho okokuqala ngibulawa."

UL'vovo uthi nakuba kungamjabulisi okubhalwayo ngaye, kepha ukubona kuyisibusiso.

"EsiZulwini kuthiwa uma umuntu ebulawa esaphila kuchaza ukuthi usuke esazophila iminyaka eminingi," kuqhuba lo mculi.

"Kodwa-ke eqinisweni abantu kufanele bayeke ukudlala ngokufa. Sesibone izihlabani eziningi zisishiya. Lokhu kushaqisa imindeni yethu. Singabantu nathi, sinemindeni nezingane."

Abanye osaziwayo asekebabulawa kubulawa ezinkundleni zokuxhumana ngowe-hip hop u-Emtee, umlingisi uTerry Pheto noDJ Black Coffee.

UL'vov uthe kune-albhamu ayiphekayo ezophuma ngenyanga ezayo. Igama le albhamu lithi iNdlovu, okuyisibongo sakhe.

Uthe abalandeli bakhe mabalindele i-single yakhe iTake It Away ezophuma ekupheleni kukaFebhuwari.

 - Daily Sun



- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...