OweGospel ubonga uNkulunkulu

2016-03-09 08:31

Johannesburg - Isihlabani somculi wokholo uDeborah Fraser sesidlule ebunzimeni kodwa sibonga uNkulunkulu ngokuhlenga impilo yaso.

Ekhuluma nabeDaily Sun uchaze ubunzima asedlule kubo.

"Kunesikhathi lapho engangicabanga khona ukuthi sekuphelile ngami kodwa uNkulunkulu emuhle wangibamba isandla sami wahamba nami," usho njalo.

OLUNYE UDABA: Owokholo ukhumbule umdavu ngeculo elisha

Lo mculi uthe usizi lwakhe lwaqala ngesikhathi eshada nomfundisi waseNigeria uSockey Okeke webandla iMcy Chapel.

"Ngangithi ukushada umfundisi kuzongisiza kukhulise ukholo lwami kodwa kunalokho kwangihlukumeza. Angifuni ukugxila kakhulu ekuhlukunyezweni kwami. Ngibonga iNkosi ngokungikhiphe kulowa mshado."

Lesi sihlabani siphinde sathi sancipha kakhulu emzimbeni ngemuva koutholakla nesifo sikashukela ngo-2012.

"Abantu kubalwa nalabo engangibathemba baqala bangihleba bethi ngiyafa. Angizange ngize ngesekwe ngalendlela engangifisa ngayo ngaleso sikhathi ngase ngiphendukela eNkosini."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...