OweGospel ubanjwe ehamba ngesivinini esiphezulu

2017-08-11 12:32

Johannesburg - Umculi weGospel, uThina Zungu, 28, uzithole osesobishini ngemuva kokubanjwa ehamba ngesivinini esiphezulu ku-N3 eduzane naseVilliers eFree State.

Lo mculi kubikwa ukuthi ubanjwe ehamba ngesivinini sika-210km/h endaweni ka-120km/h, ehamba ngonyanyavu lwemoto yakhe emhlophe yohlobo lweJaguar.

UThina wakwazi ukugwema ukulala esitokisini ngokukhipha imali yebheyili ngalo usuku aboshwa ngalo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe obehamba ngesivinini esiphezulu etsaka ngemoto entsha

Lo mculi waseNanda, KwaZulu-Natal uthi wayephuthuma emcimbini ayeyonandisa kuwo esuka eThekwini.

UThina ube esexolisa ngesenzo sakhe.

IMenenja yakhe uThemba Mthembu, ithe lo mculi wamshayela ucingo kulandela isigameko, naye wamuxolisela lo mculi.

"Wayephuthuma emcimbini kodwa lokhu akusiyo into angavika ngayo, kusukela manje usezohamba ngo-120km/h," kusho uMthembu.

Okhulumela amaphoyisa uKabelo Moloabi uthe isigameko senzeke ngoLwesithathu ngezithuba zabo-18:00.

"Umshayeli waboshwa kwathi ngemuva kwesikhashana wadedelwa ngebheyili yemali engu-R7 500," kusho uMoloabi

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseVilliers ngoLwesibili.

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...