OweGenerations uthi ngeke amdalule ubaba wakhe naye odumile

2018-02-07 18:00

Johannesburg - Umlingisi osemusha endimeni yezokujabula, uLuyanda Mzazi, uthi ngeke aze adalule ukuthi ngubani ubaba wakhe njengoba ethi naye ukule ndima kaqedisizungu.

ULuyanda udlala indawo kaLesedi emdlalweni owuchungechunge kumabonakude iGenerayions The Legacy etshengiswa ku-SABC 1 phakathi nezinsuku ngo-20:00.

ULuyanda ungomunye wabalingisi abasha kuleli kanti uthi ufuna ukuzakhela igama ngaphandle kokuvinjwa wudumo lukababa wakhe.

OLUNYE UDABA:Uzojoyina iGenerations The Legacy umlingisi wakuleli

Lo mlingisi ubenengxoxo noDJ Sbu kwiMassive Metro ngesikhathi edalula konke lokhu.

"Ubaba wenza izinto eziningi, wenza konke, empeleni wangenza ngabona ukuthi angikwazi ukugcina ngokuba umlingisi," esho.

Lo mlingisi, 21, uthe wathola indawo ayidlala kwiGenerations njengawo wonke umuntu ngokuthi ahlolwe ikhono lakhe, akazange achushuswe muntu.

ULuyanda ungowaseGoli kanti njengamanje wenza izifundo ze-HR.

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 12-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...