OweGenerations uphika eyokuthenjiswa umshado

2016-09-06 14:31

Johannesburg – Usaziwayo uThando Thabethe, odlala indawo kaNolwazi kuGenerations: The Legacy aphinde abe ngumsakazi ku-5 FM, uwaphikile amahlebezi athi uthenjiswe umshado yisoka lakhe leminyaka.

Lokhu kulandela imibiko yeSunday Sun ethi uThabethe ubonakale egqoke ingqovungqovu yendandatho emunweni womshado.

OLUNYE UDABA: Uthenjiswe umshado ebandleni owayengumahosha

Lo saziwayo ukhulume ne-TMG Entertainment wawaphebeza la mahlebezi wathi angamampunge.

Uthe akathandi ukuphawula enabe ngalolu daba.

UThabethe ube esethulisa lo msindo ngokufaka isithombe sesandla sakhe sobunxele engayifakile indandatho.


- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...