Owe-Mabala Noise uveze ikhono elisha lokuba ngu-DJ

2017-05-15 18:02

Durban - Siveze ikhono elisha isikhulu senkampani eqopha abaculi iMabala Noise.

UReggie Nkabinde, ongusomabhizinisi osemncane, aphinde abe umgcinimafa wophiko lwentsha lwenhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC), ubenomcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ehhotela lakhe elisha eliseThekwini iMarmalade Botique Hotel.

UReggie uzibambele yena mathupha ekuciphazeni umculo ozojabulisa abantu abebemenyiwe kulo mcimbi.

OLUNYE UDABA: Owe-Mabala Noise usulile ezinkampanini ezimbili

Ngesikhathi uDJ Kotin ethi udedela isigubhu esizohlanyisa abantu, ukuze kuchazeke naye umnikazi womcimbi, uReggie akazange apholise maseko kodwa uvele wagibela yena esiteji wazidlalela yena mathupha kwasangana abantu.

Kulo mcimbi bekumenywe labo abasondelene naye kakhulu kuphela. Bekukhona asebenza nabo kanye namakhosikazi abo kuphela, kanye nosomabhizinisi abambalwa abasondelene kakhulu naye.

UTha Simelane bekunguyena obephethe uhlelo lwalo mcimbi. Ngemuva kokuba uReggie esebabulele ngomculo, udedele izintambo kuDJ Sjerere, naye ongaphoxanga kodwa uqhubeke lapho kugcine khona uReggie.

Iziphuzo kanye nezibiliboco bekuyinsada kulo mcimbi, kwazise abantu bebebancane. Umculo ukhale kwaze kwashaya izikhathi zasentathakusa abantu besadansa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...