Owe-Big Nuz usesibhedlela kulandela ukugwazwa

2016-03-01 13:32

Johannesburg - Iphele kabuhlungu impelasonto ebimndani eThekwini  kwilungu leqembu lomculo weKwaito iBig Nuz, uDanger, ogama lakhe lokuzalwa nguMzi Tshomela.

Lesi sihlabani somculo weKwaito sigwaziwe kanti kusolwa, uDogg, osebenzela isitebele sikaDJ Bongz, iMabalabala Records.

UDanger ongaphansi kwesitebele sikaDJ Tira, i-Afrotainment wayehambele ama-Metro FM Music Awards e-ICC ngoMgqibelo. Yize kunjalo ngeSonto ebusuku kudalulwe ukuthi uDanger, uDogg nabanye babangani babo babehlezi endaweni yokucima ukoma i-Absolute ekuFlorida Road, eThekwini.

"Kwaba negxabano, uDanger wagwazwa ngebhodlela likabhiya ekhanda," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Khululekani ayiyi ndawo iBig Nuz

Naphezu, omunye umthombo usole ukuthi ingxabano yayimayelana nokuthola umklomelo kukaDJ Bongz kumaMetro FM Music Awards ekubeni engesiye umculi weKwaito kodwa eyi-House DJ.

Ekhuluma nabephephandaba iDrum uDJ Bongz uqinisekise ukuthi kwaba nengxabano phakathi kukaDogg noDanger kodwa wakuphikisa okokuthi uDogg usebenzela inkampani yakhe.

"UDogg akasebenzeli mina, ungumuntu obamba amatoho ezinkampanini eziningi kodwa ngaleso sikhathi wayesilekelela nge-album ethile."

Mayelana nengxabano, uBongz uthe basalinde ukuba uDanger aphume esibhedlela ukuze kuzozwakala kahle umsuku wayo.

"Ngaya ukuyombona esibhedlela kodwa asikwazanga ukukhuluma ngoba wayesalele. Kodwa ngikhulumile noDJ Tira kanti lengxabano ayihlangene ne-Afrotainment kanye neMabalabala Records. Siwumndeni," usho njalo.

UDJ Tira akazange atholakale ephawula.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...