Owayengumphathi omkhulu weMuvhango ezinsolweni zokuqola lo mdlalo u-R3m

2017-10-11 13:59

eGali - Owayengumphathi omkhulu ohlelweni oluyintandokazi ku-SABC2, uMuvhango, uvele enkantolo ngamacala okuqola nokweba imali engango-R3 million.

Ngokubika kwephephandaba i-Sowetan Live, okuyilona eliveze ukuthi umsolwa wayeyiProduction Manager, uvele enkantolo iSpecialised Commercial Crimes Court eGoli ngoLwesibili.

Lo msolwa waboshwa ngeSonto mayelana nokulahleka kwemali elinganiselwa ku-R3.3 million.

Kuthiwa uyena owayebhekelele ukuhlela kanye nokuphatha umsebenzi wokuqoshwa kwalolu hlelo; okubala ukuphatha zonke izincwadi eziphathelene nezimali ezikhokhwayo.

Kwakuyingxenye yomsebenzi wakhe ukuphatha imadlana yezimo ebekelwe izimo eziphuthumayo.

OLUNYE UDABA:Kulahleke izigidi zamaRandi ohlelweni oluyintandokazi

Uhlu lwamacala abhekene nawo kubalwa lawa; waqasha inkampani mbumbulu/noma abantu, ekhokha izimali ezingekho ethatha kule mali yohlelo kanti wayeyifaka kwi-akhawunti yakhe enza sengathi ukhokhela lezi zinkampani noma abantu abaqashile.

"Lo msolwa uyena owayesayina amarisidi abonisa imali ekhokhiwe, nokuyindlela okusetshenzwa ngayo. Lo msolwa wayengasebenzisi incwadi yenkampani okuyiyona esetshenziselwa ukusayina amarisidi ngesikhathi ekhwabanisa izimali.

"Uhlulekile ukuveza imininingwane yabantu abebekhokhelwa futhi akakwazanga ukuveza ukuthi babenza muphi umsebenzi njengoba wayebakhokhela nje," lokhu kubhalwe ohlwini lwamacala abekwe wona.

Kuthiwa umsolwa waqamba amanga kuphrojusa omkhulu walolu hlelo uDuma Ndlovu ngokuthi waqasha inkampani eyayenza umsebenzi othile.

Lo msolwa uzogqunywa esitokisini aze avele ngomhlaka-17 kwephezulu enkantolo lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...