Owayelingisa kuMuvhango usethole amadlelo aluhlaza

2017-11-01 12:30

eGoli - Abalandeli bakaPhindile Gwala owayelingisa kuMuvhango bazozithokozela izindaba zokuthi le ntokazi ishaya ibuya kumabonakude, kubika iSunday World.

Kulokhu, uPhindile  owayelingisa indawo kaNonny kulo mdlalo, ezodlala efilimini okulindeleke ukuba iphume ekuqaleni konyaka ozayo ethi Looking For Love.

Kule filimu, le ntokazi izolingisa indawo kaLindi, okuyintokazi ephila impilo yobukhazikhazi futhi enama-blesser.

Echaza ngalo mlingiswa, uPhindile uthi uLindi uphila impilo ephilwa ngabantu basimame abasebasha abahlezi bezicabangela amadoda futhi baze bayowacinga nasemasontweni.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Bekundiza ikhekhe ephathini kaZodwa Wabantu

“Uwahlaziya kahle amadoda awafunayo futhi ukwazi ukuyibona isekude ukuthi le inayo na imali noma cha, ushadile noma akashadile,” kusho uPhindile.

UGwala uthi abantu abaningi bazohambisana nomlingiswa ngoba imindeni eminingi inawo lowo muntu othanda impilo yobukhazikhazi.

Uthi kwabalula ukuzilungiselela ukungena ezicathulweni zikaLindi ngoba wazana nabantu abaningi abaphila impilo efanayo, wayeyiqaphelisisa kahle indlela abenza ngayo izinto ngesikhathi enza ucwaningo lwakhe.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...