Owanqoba umncintiswano wama-Idols ulibangise emsakazweni

2017-11-02 19:27

eGoli - Owanqoba umncintiswano wama-Idols ngo-2015 uKarabo Mogane usekhethe ukulandela uthando lwakhe lomsakazo kanye nomculo omnandi.

Lo mculi oneminyaka engu-26 ubudala usezoba ngumethuli emsakazweni.

Kusukela ngomhlaka 5 Novemba, lo mculi uzozakwala eshayela uhlelo lwangeSonto emini phakathi kuka-14h-- kuya ku-18h00 esiteshini i-UJFM.

OLUNYE UDABA:Usethuka izanya umculi kaMaskandi odutshulwe yisoka likadadewabo

UKarabo utshele abephephabhuku iDrum ukuthi usinqumo sakhe usithathiswe wukuthi uyawuthanda umsakazo kanti futhi uyawuthanda nomculo omnandi.

"Kudala nginothando lomsakazo futhi abantu engisondelene nabo babehlezi bengitshela ukuthi kumele ngikucabange ukusebenza njengomsakazi ngoba nginephimbo elimtoti,

"Ngiyakuthanda ukuxhumana nabantu kanye nokudlala umculo omnandi,"kusho yena.

Lo mculi uthi ulithakasele kakhulu leli thuba alitholile futhi uthi ubeka uNkulunkulu phambili futhi ubonga yena ngamathuba amahle amlethela wona.


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...