Owakhonjwa indlela kuKhozi FM ucasule umshayeli wetekisi

2017-02-05 13:31

Johannebsurg - Ubhodla umlilo usmahyeli wetekisi, uSibusiso Mashaba othi owayenguDJ emsakazweni uKhozi FM, uChilli M udlala ngaye.

Kanti manje uSibusiso usola ukuthi lo DJ ogama lakhe lokuzalwa nguVukani Msinga umkweleta imali engu-R1 000.

Lo mshayeli landisa ngodaba lwakhe uthe wahambisa uChilli M ehhotela iFaicity eMorningside, waphinde wamthatha wamuhambisa e-Alexandra wase embuyisela ehhotela futhi.

OLUNYE UDABA: Owayengumsakazi woKhozi ezinsolweni zokukhwabanisa

"UChilli M wathi angibuye ngosuku olulandelayo ngizolanda imali yami," kusho uSibusiso.

Ngosuku lolulandelayo lo mshayeli uthi wahambisa uChilli M kwa-SABC e-Auckland Park naseBraamfontein.

"EBraamfontein, ngaboleka uChilli M uR50 ukuze ezothenga iniphu yagologo iSmirnoff nekani leCoca Cola.

USibusiso uqhube ngokuthi:"Wathi kunomuntu ozomfakela imali kwi-akhawunti yakhe. Wangicela ukuthi ngimuhambise e-Alexandra futhi, ngakwenza lokho.

"Ngase, ngimuhambisa eRandburg eyohlangana nomuntu othile, lapho ngamulinda khona amahora amaningi ngaze ngahamba. Lo muntu ulokhu engiqambela amanga. Wangisebenzisa ngoba nakhu edumile. Ngifuna imali yami," kusho uSibusiso.

Izolo uChilli M uthe: "Angifuni ukuphawula ngalolu daba. Wazi kahle ukuthi angisebenzi."

Ngonyaka ophelile amaphephandaba abika ukuthi uChilli M waboshwa ngezinsolo zokuhluleka ukukhokhela ihhotela ayelele kulo imali yalo engu-R5 000. Kwabikwa nokuthi wachitha impelasonto ejele. Kuthiwa lo owayengumsakazi ungaphandle ngebheyili yemali engu-R2 000.

 - Sunday Sun

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...