Osaziwayo bazobusiswa ngengane yesithathu - Umbiko

2017-09-07 19:29

Cape Town - Unontandakubukwa onguKim Kardashian, oshade nomrepha waseMelika uKanye West, kubikwa ukuthi bazobusiswa ngengane yabo yesithathu.

Ngokwemibiko yama-website ahlukene, uKim noKanye bazobusiswa ngengane yentombazane ngohlelo lwe-surrogate njengoba kwavela ngasekuqaleni konyaka ukuthi baqashe umuntu ozokhulelwa ingane yabo.

Lo mama waseSan Diego mother, okukholakala ukuthi useminyakeni yobudala eko-20, kuthiwa nguye ozothwala ingane yalezi zithandani, kubika i-Us Weekly.

Kuthiwa uzokhokhelwa imali engu-$45 000 (R578 000) ezohlukaniswa izigaba eziyishumi kuze kube uyabeletha.

Lezi zithandani bezingakaziqinisekisi lezi zindaba.

UKim, 36, ufune usizo lwe-surrogacy ngenxa yokuthi ngeke asakwazi ukuzithwalela ngokwakhe abantwana. Lokhu kulandela ukuthi kwatholakala ukuthi unesifo esaziwa ngePlacenta accrete, okuyisifo lapho umzanyana enamathela odongeni lwesibeletho, okwenza umama nengane babe sengcupheni.

Le ngane kubikwa ukuthi izofika emhlabeni ngoJanuwari 2018.

Total eclipse of the heart

A post shared by Kim Kardashian West (@kimkardashian) on

Easter 2017

A post shared by Kim Kardashian West (@kimkardashian) on

- YOU

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...