Osanda kushiya kuMuvhango uzobonakala ohlelweni olusha

2017-11-27 10:59

EGoli - Intokazi elingisa kuMuvhango idlala indawo kaThandaza Mokoena, uSindi Dlathu, izobonakala kolunye uhlelo lukamabonakude kungekudala, kubika iSunday World.

Yize le ntokazi isabonakala ohlelweni iMuvhango iseqalile ukusebenza ohlelweni olusha oluzodlala kuMzansi Magic olwaziwa ngokuthi yiThe River.

Lolu hlelo kuthiwa luzoqala ngasekuqaleni konyaka ozayo kanti luqoshwa yinkampani eqopha izinhlelo zakumabonakude iThedza Productions.

Okhulumela abeMzansi Magic uBongiwe Potelwa-Metsing uthi akanalo igunya lokukhuluma kabanzi ngalolu hlelo okwamanje njengoba singakaqinisekiswa isivumelwano sokusebenza ndawonye nenkampani eqophayo.

OLUNYE UDABA:Ubuhlungu benhliziyo obenze 'wayocasha' ohlulwe kuma-Idols

“Kunzima ukuba ngiphawule ngalokhu ngoba akukho okuphathekayo okusaveziwe mayelana nalolu hlelo kanti futhi angisebenzi ngqo nabahleli balo,” kusho yena.

Umhleli walo uPhathu Makwarela oke wasebenza ohlelweni iMuvhango kanye neRockville uthe kusasekuseni kakhulu ukuba angakhuluma ngalolu hlelo.

“Okwamanje sisalungisa lapha nalapha, sizokwazi ukuveza imininingwano eyanele ngalolu hlelo esikhathini esingangenyanga,” kusho yena.

Imithombo esondelene nalolu hlelo ithi bonke abayingxenye yalo basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze baqinisekise ukuthi kuqala unyaka konke sekumi ngomumo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...