Osanda kuhlulwa kowama-Idols uthi ushaqekile ngezinsolo zokushaya owesimame

2017-11-27 09:31

eGoli - UMthokozisi Ndaba osanda kuhlulwa emncintiswaneni wama-Idols osolwa ngokushaya owesimame uthi ngeke ahambe eGoli ingakaxazululwa le ndaba.

Lokhu kulandela imibiko yangoMgqibelo lapho owesimame uNeo Tsele‚ 20‚ evulele lo mculi icala lokushaya emaphoyiseni aseHillbrow.

Le ntokazi ithi uNdaba wayishaya esefulethini likamngani wakhe eBraamfontein ngezintatha zangoMgqibelo.

UTsele utshele abeSunday Times ukuthi uNdaba waba nodlame ngesikhathi yena nomngani wakhe beba nengxabano.

OLUNYE UDABA:Ushone kabuhlungu obezama ukuthatha i-selfie

Uthi uNdaba owayedle amanzi amponjwana ngaleso sikhathi wafika kuleli fulethi ehamba nomzala wakhe wamshaya kunengxabano.

"Uyeke ukungishaya ngesikhathi esebona izandla zakhe zigcwele igazi," kusho le ntokazi.

Ngesikhathi abamaphepha bexhumana naye, uNdaba uthe bekumele abuyele ekhaya ngoMgqibelo ntambama kodwa waluhoxisa uhambo lwakhe esezwa amahlebezi okuthi ushaye lo wesimame.

"Ngishaqekile ngalokhu, ngilinde esiteshini samaphoyisa kwaze kwathi nhlo ngilinde le ntokazi ethi ngiyishayile ngifuna ukwazi ukuthi ithi ngiyishaye sibonana kuphi mina nayo, kodwa ayizange ifike," kusho yena.

Lo mculi uze wafaka izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana emi namaphoyisa amabili, kubika iSunday World.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...