Omunye wesifazane uthi wayena-15, eyintombi nto, enza ucansi nomculi odumile

2017-08-24 14:02

Cape Town – Kolunye udaba olubhalwe uJim DeRogatis, weBuzzfeed, owesifazane usephumele obala ukuxoxa ngodaba lwakhe lokwenza ucansi eneminyaka engaphansi kweminyaka esemthethweni yokwenza ucansi (underage) nesihlabani somculi odume umhlaba wonke, uR Kelly.

Lokhu kuza ngemuva kodaba oluphenyiwe lwangoJulayi lweBuzzfeed olwaluthi uKelly kubikwa ukuthi uhlalise abesifazane kule ndawo ngenkani futhi uyabahlukumeza.

Owesifazane wakamuva ukuphumela obala ungumama wezingane ezintathu, uJerhonda Pace, nothi wayeneminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi ehlangana okukuqala nalo mculi ayezifela ngaye, uKelly, ngaphandle kwasenkantolo ngesikhathi kuqhubeka icala lakhe locansi lwezingane.

UPace uthi wayesemncane ngalesi sikhathi ukuthi avumeleke ngokomthetho ukwenza ucansi ngesikhathi eqala ukuba nobudlelwano bezocansi noKelly, kanye nokuthi wamukela izivumelwano zemali ezivela kulo mculi ukuze asayine izivumelwano zenkontileka embophezela ukuthi angathi vu ngalolu daba.

OLUNYE UDABA:Umculi odumile kuthiwa 'uhlala namantombazane awenzisa ucansi ngenkani'

Ngesikhathi esevakasha okokuqala kubikwa ukuthi kwadingeka ukuthi akhumule bese emodelela uKelly nokwathi ngemuva kwalokho benza ucansi lomlomo (oral sex).

Ngesikhathi evakasha okwesibili uthi uKelly wamnikeza utshwala, nokuyinto athi wayengayijwayele, ngemuva kwalokho benza ucansi. Kwakungokokuqala ngqa lo wesifazane oneminyaka engu-24 ubudala enza ucansi. Utshele iBuzzfeed ukuthi ukuba yintombi nto kwakhe kwamjabulisa kakhulu uKelly.

UPace uphinde wadalula nokuthi uKelly wayeqopha zonke lezi zigameko ngaphandle kwemvume yakhe kanye nokuthi kwadingeka ukuthi agqoke ama-pigtails amabili kwaphinde kwadingeka nokuthi athole izingubo zamantombazanyana amancane afunda isikole azozigqoka. Kwakudingeka nokuthi ambize ngo-"daddy".

UPace uthi yize noma ezobe ephula isimuvelwano senkontileka yakhe sokuthi angathi vu ngalolu daba, usekhethe ukuphumela obala manje ukusiza abanye besifazane abasahlala noKelly.

Abameli baka-R Kelly bakhiphe isitatimende ngoLwesibili ekuseni bephika lezi zinsoli zikaPace.

Zifundele udaba oluphelele kwiBuzzfeed lapha.

*Phinde uzibonele nodaba olwalubhalwe uJim DeRogatis ngonyaka ka-2013.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...