Omunye umsakazi wodumo uyashiya kuMetro FM

2017-03-31 12:35

Johannesburg - OyiJaji lama-Idols SA, u-Unathi Msengana, umemezele ukuthi uyashiya emsakazweni iMetro FM ngemuva kokuba kulesi siteshi iminyaka eyishumi.

UMsengana ubeshayela uhlelo lwasekuseni iThe First Avenue phakathi nezinsuku elushayela noGlen Lewis.

Lo msakazi ubhale enkundleni yezokuxhumana i-Intsgram namuhla (ngoLwesihlanu) ekuseni: "Bengisakaza okokugcina ohlelweni olukuMetro! Ngibonga uthando lwenu kuyo yonke le minyaka nginani."

OLUNYE UDABA:Omunye umsakazi odumile uselaxaze isiteshi

Ukushiya kukaMsengana kusilimazile isiteshi kulandela isimemezelo sikaGlen Lewis osekuphele iminyaka engu-22 eka-SABC, naye oseshiyile wayojoyina uTbo Touch esiteshini sakhe somsakazo esisha.

Okhulumela iTouch HD, uLulu Ndevu, uqinisekise ukujoyina kukaGlen kwesikaTbo Touch.

Ukushiya kukaGlen kwiMetro FM kuza ngemuva kokuvela kwemibiko ethi iMetro FM isezinhlelweni zokwenza izinguquko kubasakazi.

Iningi labasebenzi alijabulile ngalo mbiko wezinguquko njengoba uzohlukanisa abangani ubahlanganise nabanye abantu abangezwani nabo.

 - Instagram:

Well that was my LAST SHOW on Metro! Thank you for YOUR love over the past decade????

A post shared by Unstagram (@unathi.co) on

 - The Citizen
 - 
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...